Zakwe - Thixo Wami (feat. Zola, Big Zulu, Roit) lyrics

Aurélien N'Zuzi Zola [France]

[Zakwe - Thixo Wami feat. Zola, Big Zulu, Roit lyrics]

Nkulunkulu onamandla
Mdala weZulu no mhlaba
Siyakhuleka baba

Thixo wami, mawungabi kude nami
Izitha zami, mazingajabuli ngami
Thixo wami, mawungabi kude nami
Izitha zami, mazingajabuli ngami
Thixo wami, thabatha isandla sami
Ndenze nami, ndibe ngongcwele
(Lord God)

Ukuvuka ekuseni ke sibonga umdali sisaphefumula
Kwabanye bethu kunzima, abalitholanga lelithuba
Namanje iNkosi sisayidumisa, kuyolamula ithuna
Sphila nzima sivika abathakathi abagila lemkhuba

Sithoba abalele ezibhedlela abagulela ukufa
Sithinte abahlezi emajele bengenzangaphutha
Ngikhulekela abasemkhukhwini abavika imvula
Ngikhulekela abangiyitholi imisebenzi bebe bafundha

Sikhulekela abantu bеsimame ukuthi basimame
Thabatha isandla sami, inkinga zomhlaba siyinqande
Abanyе bakhetha izindlela ezimbi sekunzima manje
Uzubathethelele Mdali la kunzima ngaphandle

Nkosi ngiyazi labantu esibabiza ngezitha
Abantwa bakho eh
Kodwa ngiyacela, ngiyacela
Ukhulume nabo, behlise ulaka lwabo eh

Thixo wami, mawungabi kude nami
Izitha zami, mazingajabuli ngami
Thixo wami, thabatha isandla sami
Ndenze nami, ndibe ngongcwele (Lord God)

Dear God, yimi futhi ngizokubekela
I might be long, get a chair, baba ngizokusikela
Dear God onginike bona bayakhanya
Bahlinzelwa bebancane, fede grand akunandaba

Dear God bangihluthula umoya
Wena uthi angithule mina ngifuna ukubangena like
Bha-bha-bha, ngifuna ukubangena
Dear God, where to from here?

Kudala ngimemeza, can you really really hear?
Bahlokoloza uZola, can you really really hear?
Hello, hello? yoh God, are you there?
(yoh God are you there)

Back to the studio ngibaphindele ke
Back to the radio, ngiyidlale ke, haha
Dear God mayihlehla ithatha amandla
Dear God I’m done here, uva uZakwe?

Thixo wami, mawungabi kude nami
Izitha zami, mazingajabuli ngami
Thixo wami, thabatha isandla sami
Ndenze nami, ndibe ngongcwele
(Lord God)

Baba kunzima emhlabeni
Ngathi sesiphila ney’lwane entabeni ay
Mina ngazishiya eshlabeni
Kodwa namuhlanje, zingifuna emnyakeni
Hay
Thixo wami, oh ngibambe isandla sami
Ngiweze nami, umfula nomugcweleu
Lapha engikhona kunzima
Ngiphe amandla, nami ngilime eyami indima
Angifuni ukuba yisdina
Mangikokota angiceli, iminyango bayayikhiya
Ngicela ungiphe amandla
Baba somandla nami ngicela ungiphe inamba
Ngizokufonela nami ngibike usizi lwami la
Kuzitha zami sengikhathele zinhlamba

Thixo wami, mawungabi kude nami
Izitha zami, mazingajabuli ngami
Thixo wami, mawungabi kude nami
Izitha zami, mazingajabuli ngami
Thixo wami, thabatha isandla sami
Ndenze nami, ndibe ngongcwele
(Lord God)

Interpretation for


Add Interpretation

Add extended interpretation

If you know what the artist is talking about, can read between the lines, and know the history of the song, you can add interpretation to the lyrics. After checking by our editors, we will add it as the official interpretation of the song!

Latest added interpretations to lyrics

A B C D E F G H I J K L M N O P Q R S T U V W X Y Z #
Interpret